Economic Empowerment Program 2025
Izolo (31 August 2025), siqale uhlelo lwethu lokuthuthukisa ngomnotho abake baba izisulu zodlame nokuhlukumezeka. Sebebambe iqhaza nqo emisebenzini yokuziphilisa.
Lapha esithombeni bafunda ukwenza izinto ezahlukahlukene ngobuhlalu, ikakhulukazi imvunulo. siseBonamanzi Game Park, eHluhluwe, lapho siphekwa khona ukuba sibe ngochwepheshe bezokuthunga ngobuhlalu.
Ngolwesithathu (3 September 2025), sizobe siqala ukufunda ngekhono lokufaka izinzipho zohlobo oluphezulu.
Ngolwesithathu futhi, elinye ithimba lizobe liqala lifunda ngekhono lokubhaka, ikakhulukazi amakhekhe emibungazo enhlobonhlobo.

Izinhloso zethu njenge-LifeLine Zululand:
Ukusiza abasindile kwezehlukumezo ukuthi bazakhele ikusasa eliqinile.
Ukubuyisela isithunzi nothemba kubantu abahlukunyeziwe.
Ukukhulisa ukuzimela nokunciphisa ukuncika, kakhulukazi kubantu abasihlukumezayo.
Ukuthuthukisa umnotho wendawo ngokudala amathuba emisebenzi.
Siyaziqhenya ngabo bonke abayingxenye yaloluhambo oluqale izolo, lokhu akuwona nje umsebenzi, kodwa yindlela yokuvuselela ithemba nempilo entsha.